Inyunyana yabasebenzi basezimayini i-National Union of Mineworkers (NUM) isikuqinisekisile ukuthi ngoLwesithathu ntambama ithole isitifiketi sokungenela isiteleka embonini yamalahle.
Le nyunyana ithi izingxoxo phakathi kwayo ne-Chamber of Mines sezifinyelele kwangqingetshe ngokusemthethweni njengoba sekukhishwe isitifiketi ngokungabikhona kwesixazululo ekungabonini ngaso linye yi-CCMA.
Manje le nyunyana ithi izofaka isaziso sokungenela isiteleka ngesikhathi esifanele.
FUNDA NALOLU DABA: I-Bemawu ithi kuyinyanyisile ukuziphatha kwe-CWU esitelekeni sabe-SABC
“I-NUM ifuna u-R1 100 kanye kunyaka ka-2017 kanye no-8% wango-2018. I-NUM izovuma ukusayina isivumelwano seminyaka emithathu uma kungukuthi iChamber of Mines iyavuma ukuqhubeka nokuhlala ne-Collective Bargaining Forum. I-NUM izofuna u-9,5% kunyaka wesithathu.
“I-Chamber of Mines iyaqhubeka nokuzithwala futhi ixoxisana ngokungathembeki. I-NUM izimisele ukuphoqa izinkampani ziboleke indlebe izimfuno zayo zamaholo,” iNUM isho kanjalo esitatimendeni ngoLwesine.
Image: Wikimedia Commons