Intombazane (15) idutshulwe ngezinhlamvu ezingu-7 iyodwa ekhaya

Intombazane eneminyaka engu-15 ubudala kubikwa ukuthi idutshulwe amahlandla ayisikhombisa abasolwa abane esigamekweni sokuphanga endlini eGauteng, eDriefontein, ngokombiko wenkampani yonogada iDrift Reaction.

“Ngemuva nje kuka-21:00 intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ebiyodwa ekhaya futhi ilele embhedeni wayo, ilinde umama wayo ukuthi abuye emsebenzini, ihlulwe ngamandla ngabasolwa abane abebehlomile abangene ngokukotela ewindini ebelivuliwe,” kulandisa abakwa-Drift Reaction esitatimendeni.

“Ngokusho kukamama wakhe, ugingqikele ngaphandle kombhede ngaleso sikhathi wabe esezama ukucasha phakathi kombhede kanye nodonga. Äbasolwa badubule izinhlamvu ezingu-9 ohlangothini lwakhe kanti udutshulwe izikhawu eziyisikhombisa! Baphinde bamhlukumeza.”

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: I-video abasolwa bedubula unogada ogcine eshonile

Kubikwa ukuthi abasolwa baphoqe le ntombazane ukuba ivule isisefo nalapho kusolwa ukuthi bathathe khona isibhamu esinesondo, ubucwebe  kanye nezinye izinto.

“Ushiywe edanyini le gazi nalapho umama wakhe emthole khona cishe ngemuva kwemizuzu engu-30 ngokuhamba kwesikhathi!”

Ngokombiko wabakwa-Drift Reaction, le ntombazane iphuthunyiswe esibhedlela ngemvua kokuba umama wayo efonele amaphoyisa nalapho kuye kwadingeka ukuba kukhishwe khona umthambo wegazi emlenzeni wayo ukuze kulungiswe umonakalo odaleke engalweni. Kuthiwa zonke izinhlamvu zimthole engxenyeni engenhla yomzimba.

Image: Pixabay

Related Posts