UMengameli Jacob Zuma uthi uzosenza maduze isimemezelo osekunesikhathi sibhekwe ngabomvu kuleli mayelana nokuthi izokhoneka yini imfundo yamahhala kuleli noma cha.
UMengameli udalule lokhu ngesikhathi evele phambi kwe-National Council of Provinces (NCOP) ngoLwesine ntambama.
“Ngiyazi ngokwesaba mayelana nokukhokhelwa kwemfundo yamahhala. Njengoba abafundi bakamatikuletsheni bephasa, inselelo kuba ukukhokhela ukuqhubeka nokufunda,” kuchaza uMengameli.
FUNDA NALOLU DABA: I-DA ifuna kuphoqwe uZuma ukuba adedele umbiko we-Fees Commission
Uthi ikomiti elihlanganisa ongqongqoshe abahlukene elibhunga ngokukhokhelwa kwemfundo ephakeme, neliholwa uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, liyamlekelela ukucubungula umbiko we-Heher Commission, neyayiphenya ngokuthi ingakhoneka yini imfundo yamahhala kuleli.
“Ngizokwenza isimemezelo maduzane ngombiko,” kuthembisa uMengameli Zuma.
Image: Wikimedia Commons