UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usugxeke kakhulu ukuziphatha komhlengikazi wasesibhedlela iSt Mary’s Hospital nobonakala kwi-video ezikhulumela isinoma yikanjani nesiguli okubukeka engathi besigula kakhulu.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngomhlaka-06 November 2017 kanti i-video yaso okukholakala ukuthi iqoshwe ngomakhalekhukhwini isisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
“Kule video, unesi ubonakala ekhuluma nesiguli ngendlela engakhombisi ukuzwelana. Unesi uphinde abonakale eshintsha inabukeni lesiguli ngaphandle kokuvala amakhethini asohlangothini lombhede ukugcina ukufihleka kwesiguli,” kusho uMnyango.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Umsebenzi wasesibhedlela ezibukela i-movie, ‘kuhlekwe nesiguli’
“Ukuziphatha okunje kuyashayisana nomgomo weBatho Pele kanye nendlela yokuziphatha elawula ama-Health Care Professionals. Abaphathi base-St Mary’s Hospital bayabhekana nalolu daba ngokwemigudu yokuqondiswa kwegwegwe yoMnyango wezeMpilo.”
Abantu bebebhodla umlilo ezinkundleni zokuxhumana ngokuziphatha kwalo mhlengikazi kanti abanye basole uMnyango ngokuthi awufuni ukuqasha onesi kulesi sifundazwe.
Zibonele i-video yalesi sigameko esishaqise abaningi ngezansi:
The things our families go through in some hositpals ne, apparently this is St Mary’s Hospital in Pinetown, KZN. 💔 💔 pic.twitter.com/OXhBiFP1YZ
— Not Barry Roux (@AdvBarryRoux) November 8, 2017
Image: Public Domain Pictures