Bazozitika ngobumnandi abathandi bebhola lezinyawo eThekwini njengoba bezobe bevakashelwe yizihlabani zabadlali ababedlalela iBafana Bafana nokubalwa kubo u-Lucas Radebe, uDoctor Khumalo, uMacBeth Sibaya kanye noTeko Modise.
Lokhu kuyingxenye yomcimbi wokuqala ngqa i-WE ARE FOOTBALL festival nalapho kuzobe kunxuswa khona abantu ukuba bazokhombisa uthando abanalo lweBafana.
Kuzophinde kube nobhazabhaza we-screen ePeople’s Park, eduze neMoses Mabhida Stadium, nalapho abanrtu bazokwazi ukuthi babukele umdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu we-2018 FIFA World Cup Qualifier njengoba iBafana izobe itholene phezulu neSenegal ngalo uLwesihlanu kusihlwa ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
FUNDA NALOLU DABA: ‘Ubonakale ewumqemane’ uKhune ejimini yeBafana
Lo mdlalo uzoqala ngo-19:00 kusihlwa.
Lezi zinkakha zebhola kulindeleke ukuba ziphinde zibambe iqhaza kumqhudelwano we-6-a-side ngoMgqibelo.
“Lezi zinkakha ziyingxenye yomgubho weminyaka engu-25 womdlalo wokuqala weBafana Bafana, nowenzeka eThekwini ngomhlaka-7 July 1992,” iSAFA isho kanjalo esitatimendeni.
Kule migubho kuzodlalwa nemidlalo enhlobonhlobo kanti kuzophinde kunandise no-DJ abahlukene kanye nabaculi. U-DJ Tira kanye no-T-Bo Touch bangabanye bosaziwayo abazobe benandisa kulo mcimbi.
Image: Wikimedia Commons