IZITHOMBE: Benze abadume ngakho uZodwa Wabantu noSkolopad kuma-Feather Awards

Bebephume ngezinkani osaziwayo bakuleli emcimbini waminyaka yonke wokuklomelisa ngezindondo osaziwayo abavelele emikhakheni eyehlukene, ama-Feather Awards 2017.

Umculi wakuleli osezakhele udumo ngokutheleka ‘engagqokile’ emicimbini yezindondo uSkolopad wenze adume ngazo njengoba efike eshaye ingubo esacwazi oveza ingaphansi lomzimba nebigxishwe ama-boerewors ezingxenyeni ezingaphambili. Ngaphezu kwalokho uSkolopad ubephethe okubukeka njengesikhwama samalahle okosa inyama. Lokhu kwenze waba ngundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu besebembiza nge-boerewors noma i-sausage.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ububhanyabhanya abantu beshutha uZodwa Wabantu edansa ‘engagqokile’

Okunye okuphinde kwadonsela amehlo uSkolopad ukuthi sekusabalale isithombe esiveza ukuthi isicathulo ebesigqokwe obehambisana naye kulo mcimbi obuwubukhazikhazi sibonakala sinezimpawu zokuguga.

Ngakolunye uhlangothi uZodwa yena ukhethe ukushaya ingubo ende neluhlaza satshani, nebiveza ngokusobala ukuthi okwangaphansi akubonwa, njengenjwayelo.

Image: via Kitso Poonyane Twitter Account

Related Posts