Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usebamemezele abadlali abazoqala umdlalo emdlalweni obhekwe ngabomvu wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neSenegal ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.
Sekuqinisekisiwe ukuthi unozinti u-Itumeleng Khune uzowuqala lo mdlalo phezu kokungabaza obekukhona ngenxa yokulimala ebusweni emdlalweni weTelkom Knockout.
Emuva kuzobe kuvalwe ngo-Clayton Daniels, uMorgan Gould, uThami Mkhize kanye noSifiso Hlanti.
Esiswini kuzogqishwa ngo-Dean Furman, uThemba Zwane, uSibusiso Vilakazi kanye noKamohelo Mokotjo.
FUNDA NALOLU DABA: Sesikhombisile ngaphambilini ukuthi singashaya noma ngubani – Furman
Phambili kuzobe kubekwe amathemba kuLebogang Manyama kanye noPercy Tau ukuba babhakuzise inethi.
Sebebonke abadlali abazoqala umdlalo bami kanje: Itumeleng Khune, Clayton Daniels, Morgan Gould, Thamsanqa Mkhize, Sifiso Hlanti, Dean Furman, Kamohelo Mokotjo, Lebogang Manyama, Themba Zwane, Sibusiso Vilakazi, Percy Tau.
Ebhentshini kuzobe kukhona laba: Wayne Sandilands, Ronwen Williams, Motjeka Madisha, Tebogo Langerman, Eric Mathoho, Siphiwe Tshabalala, Phakamani Mahlambi, Tiyani Mabunda, Keagan Dolly, Bradley Grobler, Andile Jali.
Image: SAFA Twitter account