Kulimale abangu-7 kuphaphalaza ibhasi ku-N3

Abantu abayisikhombisa kubikwa ukuthi bathole ukulimala ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo liphaphalaza emgwaqeni onguthelawayeka u-N3 uma ubheke ngaseThekwini, uma uqeda kudlula iParadise Valley interchange, ngoMgqibelo ekuseni.

Ngokombiko wabosizo lokuqala bakwa-Rescue Care bathi babizwe endaweni yesigameko ngemuva nje kuka-5:00 ekuseni nalapho befika bathola ukuthi ibhasi liphaphalaze laze layofinyelela emzileni wezimoto eziphambanayo nobheke ngasePinetown.

FUNDA NALOLU DABA: VIDEO: ‘Ziyasabeka izinto ezenziwa abadle i-zombie drug’

“Ngenhlanhla ibhasi alizange liphenduke. Abantu abayisikhombisa sebebonke, okubalwa nomsizi kamshayeli bathole ukulimala okuncane kanti balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba bayiswe ezibhedlela ezehlukene eThekwini ukuze bathole okunye ukwelashwa abebekudinga.

Okwamanje kuthiwa akukakaziwa ukuthi kube yini imbangela yalokhu kuphaphalaza kwaleli bhasi.

Image: Rescue Care

Related Posts