I-DA isinikele enkantolo ukuphoqa uZuma aphendule ngezindleko zamacala

IDemocratic Alliance (DA) isinikele enkantolo ukuphoqa uMengameli Jacob Zuma ukuba adalule ukuthi yimalini ngempela esichithwe yihhovisi lakhe ezindlekweni zasenkantolo ezimayelana nalokho iDA ekubiza ngokubalekela kukaZuma ukubhadla ejele ngamacala angu-783 enkohlakalo kanye nokukhwabanisa.

NgeSonto iDA imemezele ukuthi uMengameli Zuma usenikwe amaphepha asenkantolo mayelana “nokuhluleka kwakhe ukuphendula umbuzo wasenkantolo owabuzwa kuyena ngumholi we-DA, uMmusi Maimane, mayelana nokuthi yimalini imali yomphakathi esisetshenziswe ukugwema amacala angu-783 okukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokushintshisana ngemali ngokungemthetho ayebhekene naye”.

FUNDA NALOLU DABA: I-DA izonikela enkantolo ukuphoqa uZuma aphendule umbuzo

I-DA ithi uZuma kanye neSekela likaSomlomo wePhalamende uLechesa Tsenoli benza ngokungekho emthethweni futhi okungahambisani nomthethosisekelo. Leli qembu lithi uTsenoli “wavumela” uZuma ukuthi agweme ukuphendula umbuzo.

I-DA ithi sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-8 manje kusetshenziswa imali yabakhokhi bentela ukukhokhela izindleko zamacala zikaMengameli Jacob Zuma mayelana namacala aziwa ngama-“Spy-Tapes”.

Image: GCIS

Related Posts