Kuyaphela ukuqagula ngozowina kwi-SA’s Got Talent, iKZN ibheke Ama-Zebra

Namuhla (ngeSonto) kusihlwa kuyaphela ukuqagula mayelana nokuthi ubani ozohlabana ngesamba semali esingu-R500 000 esiwumklomelo womcintiswano wokuvundulula amakhono osakazwa kumabonakude i-SA’s Got Talent.

Umzuliswano wamanqamu uzosakazwa bukhoma esiteshini sikamabonakude u-e.tv ngo-18:00 kusihlwa kanti uzobe use-Soweto Theatre.

Ngokusho kuka-e.tv, abayizimfivilithi ekunqobeni lo mqhudelwano ngokwamavoti, Ama-Zebra, okuyiqembu elisina ingoma kodwa exutshwe nemidanso yesimanje; uSiphokazi, ocula umculo we-Opera; bese kuzoba yi-AnecNote, nokuyiqembu elicula umculo wohlobo lwe-Acapella futhi okuyilona elathola amavoti amaningi kuma-semi-final ngeSonto eledlule.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Benze abadume ngakho uZodwa Wabantu noSkolopad kuma-Feather Awards

Ngale kwalaba kuphinde kube khona ne-Art of Dance, i-Just 6 kanye ne-Nan Hua, nokungamanye amaqembu abheke ngabomvu lo mkomelo.

Kulo mzuliswano wamanqamu kulindeleke nokuthi kunandise uSketchy Bongo kanye noKaien Cruz!



Image: e.tv

Related Posts