I-ANC ithi ngamanga aluhlaza ukuthi uMantashe uzokhishwa esikhundleni

I- African National Congress (ANC) isigxeke imibiko yabezindaba ethi uNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe uzokhishwa esikhundleni sakhe nokuyisiphakamiso okuthiwa senziwe emhlanganweni we-Special National Executive Committee (NEC) eSt. Georges Hotel, Irene, eGauteng.

Leli qembu lithi le mibiko ingamanga futhi ihlose ukucekala phansi inhlangano.

“Ngenxa yobukhulu bala mahlebezi, i-ANC isinqume ukugudluka kwimigudu ejwayelekile bese ikhipha lesi sitatimende ngokucacile esichitha izinsolo ezenziwe yimithombo engenagama futhi enganabuso zokuthi kunezingxoxo eziqhubekayo zokususa esikhundleni sakhe uNobhalala Jikelele we-ANC uComrade Gwede Mantashe,” kusho i-ANC esitatimendeni.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF isiwuhlabe yawuhlikiza umbiko ngemfundo yamahhla

“Lama hlebezi adayiswa ukudala ukudideka kanye noqhekeko ngaphakathi embuthweni futhi ayizinkomba zobuvila kwabezindaba kanye nokungalandeli nhlobo imigomo efanele yezobuntatheli.

NgoMsombuluko leli qembu lithe i-NEC izoxoxa ngalo mbiko kanjalo ne-draft Organizational Report ezokwethulwa kwi-54th National Conference kusukela ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-20 December 2017.

I-ANC ibe isinxusa amalunga ayo, abalandeli kanye nabantu baseNingizimu Afrika ngobungi ukuba bayichithe le mibiko leli qembu elithi “iyizindaba ezingumbombayi” nelithi zidayiswa yilabo ababizwa “ngabangaphakathi (kwi-ANC) kanye nabahlaziyi”.

Image: GCIS

Related Posts