I-EFF isigxeke umbiko weHeher commission nebiphenya ngokuthi ingakhoneka yini imfundo yamahhala kuleli noma cha.
I-Commission of Inquiry into Higher Education and Training yasungulwa nguMengameli Jacob Zuma ngomhlaka-14 January 2016 kanti iye yethula umbiko wayo nobesekunesikhathi ulindelwe ngoMsombuluko.
I-EFF ithi izincomo zale khomishana zihlukanisa phakathi okukanye zikhetha iphela emasini ngokunikeza abafundi basema-TVET kuphela imfundo yamahhala kodwa kuncishwe abasemanyuvesi.
“Ikhomishana kubukeka sengathi isho ukuthi labo abafunda emanyuvesi bangakhona ukukhokha, kanti labo abafunda ema-TVET yibona abahluphekayo,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.
FUNDA NALOLU DABA: Nakhu okumele ukwazi ngombiko kolwemfundo yamahhala
“Kodwa-ke siyazi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basezikweletini ngokwedlulele, ngakho abantu abasha bazovele baphume ebusheni babe abantu abadala abasezikweletini.
“Siyazi ukuthi u-10% wezingane ezehlwempu zikulungele ukuya emanyuvesi okuno-40% kulabo abacebile abangu-10%.
“Kusho ukuthi lapho uzalelwe khona empeleni kuhlahla indlela ngokuthi uzoya yini enyuvesi noma cha, futhi kuyinto okumele iliwe manje,” kuqhuba uNdlonzi.
I-EFF ithi yona ikholwa ukuthi bonke abafundi baseNingizimu Afrika bangakwazi ukukhokhelwa nguhulumeni kungakhathalekile ukuthi bafuna ukufunda emanyuvesi noma ema-TVET.
Image: Commons Wikipedia