ISEXWAYISO: Imvula enamandla izohlasela eKZN ngoLwesithathu

Izangoma zezulu zakwa-South African Weather Service sezikhiphe isexwayiso sezimvula ezinamandla ezihambisana nokubanda okulindeleke ukuba kuhlasele esifundazweni iKwaZulu-Natal ngoLwesithathu, mhlaka-15 November 2017. Lezi zikhukhula kuthiwa zingadala nezikhukhula.

Ngaphezu kwalokho kulindeleke nokuthi kuphinde kukhithike kwezinye zezintaba ezikulesi sifundazwe ngoLwesithathu kusihlwa nangoLwesine ekuseni.

“Ubukhulu bemvula kulindeleke ukuba behle ngasentshonalanga ngoLwesine, mhlaka-16 November 2017, kodwa kuzoqhubeka kwezinye izingxenye zeMpumalanga, iKwaZulu-Natal, izingxenye ezisempumalanga neFree State kanye ne-Eastern Cape. Kuzoqhubeka nokubanda kanye nokuba nomoya ezingxenyeni eziningi ezimaphakathi neNingizimu Afrika ngoLwesine,” kusho abakwa-South African Weather Service.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Umonakalo odalwe yizimvula ezinamandla eKZN

Abakwa-South African Weather Services bathi bazolokhu beqhubeke njalo nokuqapha lesi simo sezulu kanti bazosho uma kukhona ushintsho.

Ngale kwalokho kunxuswa abantu ukuba bahlale ngaphakathi ezindlini, bagweme ukuba semigwaqeni kanye nokuwela imifula egcwele.

“Uma ngabe uvaleleke emotweni ngamanzi anyukayo, yishiye ngokushesha bese ufuna indawo ephezudlwana,” kuxwayisa izangoma zezulu.

Image: Pixabay

Related Posts