UBaxter uthi uzokhetha iqembu eliqine kakhulu koweBafana neSenegal

Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter uthi ayikho imidlalo engabalulekile eqenjini lesizwe njengoba ethi uzokhetha iqembu eliqine kakhulu emdlalweni wangoLwesibili (namhlanje) kusihlwa neSenegal eDakar.

UBaxter uthi ngasohlangothini lokuzethemba kanye nesimo somqondo kubalulekile ukuthi bavale ngegiya eliphezulu imidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba.

IBafana isanda kubhaxabulwa ngo-2-0 yiSenegal ngoLwesihlanu emdlalweni okwakufanele iwuwine nakanjani ukuze ikwazi ukuqhubeka nomkhankaso wokuyodlala kwiNdebe yoMhlaba yango-2018 eRussia.

FUNDA NALOLU DABA: Sesikhombisile ngaphambilini ukuthi singashaya noma ngubani – Furman

Kodwa-ke uBaxter uthi umdlalo wangoLwesihlanu ukhombisile ukuthi bangamelana nomaqembu aphezulu ezwenikazi i-Afrika “Ukhombisile (umdlalo) ukuthi singaba yizitha zethu ezinkulu kwezinye izikhathi. Sasimise kabi iSenegal ingxenye eningi yesiwombe sokuqala kodwa sahluleka ukuthatha amathuba ethu.”

Umdlalo weBafana neSenegal uzoqala ngo-21:30 ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.

Image: SAFA Twitter account

Related Posts