UMengameli Jacob Zuma kulindeleke ukuba ethule ihhovisi lesithathu lokuhlinzeka ngosizo abatshalimali i-InvestSA One Stop Shop KwaZulu-Natal ngoMgqibelo.
I-InvestSA One Stop Shop iwuhlelo lukahulumeni oluhlose ukubeka phambili kanye nokuqhakambisa ukutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika.
Leli hhovisi elizoba se-KZN kuzokube sekungelesithathu ukuba lethulwe nguMengameli Zuma ezweni.
Umcimbi wokwethulwa kwalo uzoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, ngokusho koMnyango wezokuThuthukiswa komnotho kanye nezokuVakasha KwaZulu-Natal kanjalo ne-Department of Trade and Industry (dti) esitatimendeni abasikhiphe ngokuhlanganyela.
FUNDA NALOLU DABA: Nakhu okumele ukwazi ngombiko kolwemfundo yamahhala
Inhloso ye-SA One Stop Shop ukuphungula imidanti kanye nemicibilikisho eminingi abatshali bezimali abagcina sebebhekana nayo uma ngabe befuna ukutshala imali esifundazweni.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu uthi inhloso yabo njengesifundazwe ukuthi babe yisifundazwe esiphumelelayo, esivikelekile futhi esinezakhamizi ezinamakhono kanjalo nokuthi babe yisango lokungenela e-Afrika komhlaba wonke.
NgoMashi uMengameli Zuma wethula i-Invest SA One Stop Shop kazwelonke ezakhiweni ze-dti eTshwane kanti ngemuva kwaloko waphinde wethula ihhovisi lesifundazwe le-One Stop Shop eWestern Cape ngoSeptember.
Image: GCIS