I-DA isicele inkulumompikiswano ePhalamende ngombiko ngemfundo yamahhala

I-DA isibhalele uSomlomo wePhalemende uBaleka Mbete imcela ukuba kube nenkulumompikiswano (debate) mayelana ne-Heher commission nebiphenya ngokuthi ingakhoneka yini imfundo yamahhala kuleli noma cha.

NgoMsombuluko uMengameli Jacob Zuma ugcine ewumemezele umbiko obesekunesikhathi ulindelwe ngambomvu we-Commission of Inquiry into Higher Education and Training. 

FUNDA NALOLU DABA: Nakhu okumele ukwazi ngombiko kolwemfundo yamahhala

I-DA ithi le nkulumompikiswano izobaluleka kakhulu ukunikeza umhlahlandela wezepolitiki ngokuka-National Assembly Rule 130, (8) (d).

“Ukukhishwa kwale miqulu ekade yalindelwa akwanelanga ukwehlisa ukwesaba kanye netwetwe labafundi, imindeni kanye nezikhungo zemfundo ephakeme. Amanyuvesi abelokhu engakwazi ukuhlela izindleko zokufunda ngonyaka ozayo njengoba ebelokhu elinde uMengameli ukuthi awukhiphe, ngesikhathi abafundi bebelokhu besebumnyameni mayelana nokuthi bazofunda yini ngonyaka ozayo,” kusho iDA.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF isiwuhlabe yawuhlikiza umbiko ngemfundo yamahhla

I-DA ithi okuphinde kudale ungabazane ukuthi uMengamli Zuma ngokwakhe kusolakala ukuthi ufuna kukhokhelwe imfundo ephakeme ngokuthi kuqedwe imali yesibonelelo bese kunyuswa ne-VAT.

“Sikholwa ukuthi uSomlomo uzokwenza into efanele bese evumela le ngxoxo ebalulekile ukuthi ibanjwe.”

Image: Wikimedia Commons

Related Posts