I-EFF ithi akavunyelwe azobhaca eMzansi uMugabe

I-EFF isinxuse uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba “uvumele” uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ukuba azobhaca kuleli kundela ukuvela kwemibiko yokuthi usehlwithwe amandla ngumbutho wezempi wakuleliya lizwe.

Isinyathelo sombutho wezempi eZimbabwe kukholakala ukuthi sidalwe isinqumo sikaMugabe zokuxosha esikhundleni obesiysekela lakhe, u-Emmerson Mnangagwa.

FUNDA NALOLU DABA: EZAKAMUVA: UZuma usethumele ithimba eZimbabwe, ‘usekhulumile noMugabe’

Imibiko engaqinisekisiwe evele kuTwitter ithi uMnangagwa useqokwe njengomengameli wesikhashana. Kukholakala ukuthi uMugabe wamxosha ngoba efuna kungene unkosikazi wakhe uGrace Mugabe esikhundleni sokuba yisekela lakhe khona ezogcina engumengameli olandelayo eZimbambwe.

Kuphinde kube namahlebezi okuthi uMugabe uvumile ukuthi uzokwehla esikhundleni, uma umbutho wezempi uzodedela unkosikazi wakhe, uGrace, ahambe. UMugabe kuthiwa kulindeleke ukuba asule maduze esikhundleni. 

FUNDA NALOLU DABA: UMengameli Zuma ‘ukhathazekile kakhulu’ ngesimo saseZimbabwe

Ngaphambilini uMengameli Jacob Zuma, ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo we-SADC, uthe ukhulumile noMugabe nomtshele ukuthi ukahle kodwa uvalelwe ekhaya lakhe. Imibiko ibithi umndeni kaMugabe uboshelwe endlini.

“Sinxusa uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba ulungiselele ukwamukela uMengameli Mugabe ukuze azobhaca ngokwepolitiki,” kusho i-EFF esitatimendeni, yengeza ngokuthi lokhu kuzosiza ekutheni kube nokuthula ekunikezeleni amandla nokuthi kube nozinzo eZimbabwe.

Leli qembu liphinde lanxusa nombutho wezempi waseZimbabwe ukuthi uqinisekise ukuthi azikho izimpilo ezilahlekayo.

Image: GCIS

Related Posts