ICape Town City, iWits noBenni bazoqondiswa izigwegwe

ICape Town City, umqeqeshi wayo uBenni McCarthy, iBidvest Wits kanye nePlatinum Stars ngamanye amaqembu azovela ngaphambi kwe-Premier Soccer League Disciplinary Committee ngomhlaka-14 November 2017 kanye nangesonto elizayo ngoLwesibili mhlaka-21 November 2017.

UBENNI McCARTHY kanye neCAPE TOWN CITY FC: UBenni McCarthy kanye neCity babekwe icala lokuphula uRule 54.3.6 we-NSL Handbook kulandela ukuphawula kuka McCarthy kwangemuva komdlalo.

Lolu daba luzovela ngaphambi kwekomiti ngoLwesibili oluzayo.

FUNDA NALOLU DABA: UMzansi ulindele ukumenyezelwa njengabasingathi be-2023 Rugby World Cup

PLATINUM STARS FC: Leli qembu libekwe icala mayelana nokuhluleka kwalo ukunikezela ngohlu lwabadlali ngaphambi komdlalo neMaritzburg United ngomhlaka-27 October 2017 eHarry Gwala Stadium.

Nalolu daba luzovela ngaphambi kwekomiti ngoLwesibili oluzayo.

JONATHAN SCHLOSS KANYE NE-BIDVEST WITS FC: UJonathan Schloss kanye  neBidvest Wits babekwe icala lokungaziphathi kahle okumayelana nomdlalo owawuphakathi kwe-Bidvest Wits kanye neKaizer Chiefs nowawungomhlaka-16 September 2017. 

Lolu daba luzovela phambi kwekomiti ngoLwesithathu kusihlwa.

Related Posts