Indumalo uMzansi uhlulwa yiFrance kweyokusingatha i-2023 Rugby World Cup

Sekube nokukhulu ukuphoxeka kubantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abalandeli bezemidlalo, kulandela ukukhala ngaphansi kweNizingizimu Afrika embangweni wokusingatha i-2023 Rugby World Cup.

INingizimu Afrika ibithwelwe ngeqoma ukuthi iyona ezovotelwa ngobuningi ukusingatha le midlalo kulandela ukunconywa ngobuningi yi-Rugby World Cup Limited (RWCL) Board ukuthi kube iyona esingatha lo mqhudelwano.

Kodwa-ke besekusele kwi-World Rugby Council ukuthi ivotele izwe elizosingatha le midlalo uma ngabe isihlangene namhlanje eLondon. Amanye amazwe abegaqele ukusingatha le midlalo yi-France kanye ne-Ireland.

FUNDA NALOLU DABA: UMzansi ulindele ukumenyezelwa njengabasingathi be-2023 Rugby World Cup

Manje sekuwumlando ukuthi iFrance isimenyezelwe njengezwe elizosingatha i-2023 Rugby World Cup njengoba ibhincisele nxanye iNingizimu Afrika kanye ne-Ireland.

Indumalo ibibhalwe ebusweni kwinqwaba yabantu baseNingizimu Afrika abebephume ngobuningi ukuzobukela ukwenziwa kwalesi simemezelo kuma-screens. Ezinye zezakhamizi zakuleli zibonakale komabonakude zihluleka ngisho nawukuzibamba, zahlengezela izinyembezi ngenxa yokuphoxeka. 

Lesi simemezelo besisakazwa bukhoma eziteshini zakuleli zikamabonakude kanye nasemisakazweni.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts