UMzansi ulindele ukumenyezelwa njengabasingathi be-2023 Rugby World Cup

Umhlaba wonke kanye nabantu baseNingizimu Afrika bazobe bebheke ngabomvu isimemezelo sokuthi yiliphi izwe elizoqokwa ukuthi lisingathe i-2023 Rugby World Cup nokuzomenyezelwa ngoLwesithathu.

Izithunywa eziphezulu zikahulumeni eziholwa nguSekela Mengameli Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe we-Sport and Recreation uThulas Nxesi kanye noMengameli we-SARU uMark Alexander sezihambele kwelaseLondon njengoba ziyothamerla isimemezelo sokuthi iNingizimu Afrika izoba yini ngabasingathi be-2023 Rugby World Cup.

Amanye amazwe agaqele ukusingatha le midlalo yi-France kanye ne-Ireland.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekupheleni kuka-October i-Rugby World Cup Limited (RWCL) Board yancoma ngobuningi kwi-World Rugby Council ukuba iNingizimu Afrika ikhethwe njengezwe elizosingatha i-Rugby World Cup 2023.

Manje sekusele kwi-World Rugby Council ukuthi ivotele izwe elizosingatha le midlalo uma ngabe isihlangene namhlanje eLondon.

FUNDA NALOLU DABA: EZINGENA MANJE: Ibhodi le-RWCL selincome ukuba uMzansi usingathe iRugby World Cup

Abacwaningi abazimele yibona abazosingatha lolu hlelo lukuvota oluzohlanganisa amavoti angu-39 esewonke, nalapho izwe elizophumelela kuzoba yilelo eliyothola isibalo esiningi samavoti.

Isimemezelo kulindeleke ukuba senziwe ngezikhathi zabo-15:00 (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika) kanti sizosakazwa bukhoma kuSuperSport (Channel 201).

Uhulumeni unxusa abantu bakuleli ngobuningi ukuba bagqoke izingubo eziwumbala oluhlaza satshani (green) ukweseka ukwenziwa kwalesi simemezelo se-Rugby world Cup 2023.

Ngale kwalokho kunxuswa umphakathi ukuba uhambele indawo okuzobe kubukela kuyo umphakathi ngokuhlanganyela nalapho kuzophinde kunandise khona abaculi kanye nabadansi.

Imininingwane imi kanje:

INDAWO: Sammy Marks Square (Tshwane)

USUKU: 15 November 2017

ISIKHATHI:  12h30 – 16H00

Image: Wikimedia Commons

Related Posts