Esinye isexwayiso sezimvula ezinamandla eKZN nase-EC

Izangoma zezulu zakwaSouth African Weather Service sezikhiphe esinye isexwayiso sezimvula ezinamandla okulindeleke ukuthi zihlasele KwaZulu-Natal kanye nase-Eastern Cape ngoLwesine.

Lezi zimvula ezinamandla kuthiwa zingaholela ezikhukhuleni kanti ngaphezu kwalokho kulindeleke ukuthi likhithike ezingxenyeni eziseNingizimu neDrakensberg kanye nasezindaweni eziphakeme eziseningizimu-ntshonalanga.

FUNDA NALOLU DABA: ISEXWAYISO: Imvula enamandla izohlasela eKZN ngoLwesithathu

Kulindeleke nokuthi kube nomoya onamandla ogijima ngesivinini esilinganiselwa phakathi kuka-62 kuya ku-65 km/h phakathi kwasePort Edward kanye naseKosi Bay.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts