IZITHOMBE: UMugabe esemhlanganweni wokuxazulula izinkinga eZimbabwe

Imithombo yabezindaba engaphansi kukahulumeni eZimbabwe isishicilele ezinkundleni zokuxhumana izithombe zokuqala ezikhombisa uMengameli wakhona uRobert Mugabe selokhu kuvele indaba zokuthi uboshelwe endlini nokuthi usehlwithwe amandla ngumbutho wezempi.

UMugabe ubonakale esemhlanganweni obekukhona kuwo nomkhuzi we-Zimbabwe Defence Force uGeneral Chiwenga kanye nethimba longqongqoshe baseNingizimu Afrika abatshutshwe khona, nokubalwa kubo uNgqongqoshe we-Defence and Military Veterans uNosiviwe Mapisa-Nqakula kanye noNgqognqoshe we-State Security u-Adv Bongani Bongo.

FUNDA NALOLU DABA: Kuhlangene ongqongqoshe ukuzoxazulula udaba lwaseZimbabwe

Kubikwa ukuthi umbutho wezempi eZimbabwe ngoLwesithathu uhlwithe amandla kuMengameli Robert Mugabe waphinde wathatha nezintambo zokulawula isiteshi sikamabonakude sikahulumeni, iZBC.

Kodwa-ke kubikwa ukuthi uMugabe ushaya phansi ngonyawo uthi angeke ehle esikhundleni njengoba kukholakala ukuthi umbutho wezempi wakhona umfuna ehlile esikhundleni. I-SABC News ibike ukuthi uthe iqembu lakhe kuphela elingamkhipha ngevoti.

Image: GCIS

 

Related Posts