Kuhlangene ongqongqoshe ukuzoxazulula udaba lwaseZimbabwe

Kukholakala ukuthi bavalelene emhlanganweni ongqongqoshe bamazwe angaphansi kwe-Southern African Development Community (SADC) Organ on Politics, Defence and Security Cooperation eGaborone, eBotswana, ukuzobhunga ngezinxushunxushu eziqhubekayo zezepolitiki eZimbabwe.

Ngokusho kweHhovisi likaMengameli lo mhlangano uzohanjelwa nawoNgqongqoshe base-Angola, iZambia, iTanzania kanye neNingizimu Afrika. UNgqongqoshe we-International Relations and Cooperation kanye noNgqongqoshe wezokuVikela e-Angola yibona abazoba ngosihlalo balo mhlangano ngokubambisana.

Ngemuva komhlangano kulindeleke ukuthi ongqongqoshe benze izincomo kwizinhloko zemibuso kanye nohulumeni mayelana nesimo sezepolitiki eZimbabwe.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF ithi akavunyelwe azobhaca eMzansi uMugabe

Imibiko evela eZimbabwe ithi uMengameli wakhona uRobert Mugabe ushaya phansi ngonyawo uthi angeke ehle esikhundleni njengoba kukhokala ukuthi umbutho wezempi wakhona umfuna ehlile esikhundleni. I-SABC News ibike ukuthi uthe iqembu lakhe kuphela elingamkhipha ngevoti.

Khonamanjalo, uMengameli Jacob Zuma bekulindeleke ukuthi naye alibhekise kwelaseBotswana njengoba ezohambela umhlangano wesine ophakathi kweNingizimu Afrika neBotswana nokulindeleke ukuba ube sekuseni ngoLwesihlanu.

Image: GCIS

Related Posts