Owaduma kuma-Idols SA uzokhipha i-album ne-999

Useshaya ibuya emculweni lowo owaduma emncintiswaneni wokuvundulula amakhono abaculi abasafufusa ama-Idols SA, uSindi Nene.

Le ntokazi eyaphuma kwi-Top 3 kuma-Idols SA 2010 izokhipha i-album eqanjwe ngegama layo nesihloko sithi Sindi ngaphansi kwesitebele somculo senkakha yomculi wakuleli wekwaito u-Arthur Mafokate, i- 999 Music, ngoNovember 2017.

USindi uqale ukusebenza ne-999 Music ngo-July 2017 kanti uzokhipha i-album ephelele eshaya ngezingoma ezingu-13 kuma-iTunes ngasekupheleni kukaNovember kanti amacwecwe wona azophuma ngasekuqaleni kuka-2018.

FUNDA NALOLU  DABA: Abalingisi abaqavile bazoshiya Uzalo, kuzolethwa abasha

Ngemuva kokuzakhela udumo kuma-Idols SA ngo-2010, uSindi wakwazi ukuzitholela isivumelwano nenkampani yomculo ehlonishwayo i-Universal Music Records kanti waphinde wasayina nangaphansi kwe-Universal Music Publishing Group nalapho akhipha khona i-album yakhe yokuqala esihloko sithi INFINITE.

I-Album yakhe yakamuva izobe iqukethe amanoni e-Neo-Soul kanti ididiyelwe nguWash Mahlangu, nongomunye wabadidiyeli bomculo be-999 Music kanti uSindi uyena umbhali kanye nomculi bese kuthi u-Arthur Mafokate abe ngumdidiyeli omkhulu. Ngaphezu kwalokho iphinde ixube neSoul, iRnB, iPop, iHip hop kanye neJazz.

“U-Arthur ukhombise umdlandla omkhulu, ukuzinikela kanye nempokophelo ukubona ukukhiqizwa kwale a-album kuphumelela.

FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa akathole usizo umculi weKwaito ovulelwe icala lokushaya umama wengane

“Okokuqala ngqa eminyakeni ngikwazile ukwakha i-album ekhombisa ukuthi ngingubani ngempela,” kusho uSindi engeza ngokuthi i-single yokuqala ekule-album nesihloko sithi Dedela kuyimanje idlalwa ngapha nangapha emisakazweni yakuleli kanye nesiteshi sikamabonakude somculo i-MTV Base.

Ezinye izingoma ezizotholakala kule album ezithi Amalungelo, Amandla, Ikhaya Lethu kanye nethi Missing You.

Image: supplied

Related Posts