URamaphosa uzophendula imibuzo ePhalamende namhlanje

USekela Mengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngoLwesine uzobe esePhalamende ukuzonikeza ezakamuva ngemizamo yokwakha isizwe kanye namaqhinga okuthuthukisa amakhono abantu eNingizimu Afrika.

URamaphosa uphinde abe ngumholi wamabhizinisi kahulumeni kanti ukuvela kwakhe ePhalamende ukuzophendula imibuzo yamaLunga ePhalamende kuzobe sekungokwehlandla lesi-8 futhi kungokokugcina.

FUNDA NALOLU DABA: UMengameli Zuma uzovula ihhovisi le-InvestSA eKZN

Ezinye zezinto okulindeleke ukuba kukhulunywe nangazo amabhizinisi kahulumeni kanye ne-Vision 2030 yohlelo lukahulumani olwaziwa nge-National Development Plan.

NjengoSihlalo we-Human Development Council (HRDC), uRamaphosa uzophinde atshele iPhalamende ngemizamo esiyenziwe ukuthuthukisa umnotho ngokuthuthukiswa kwamakhono kanye nolwazi lwabantu bakuleli.

Image: GCIS

Related Posts