I-SADC isibize ingqungquthela ephuthumayo yokuxoxa ngeZimbabwe

Umhlangano wongqongqoshe wangoLwesine we-Organ on Politics, Defence and Security Cooperation usuncome ukuthi amalunga e-SADC abambe umhlangano ophuthumayo ukubhunga ngisimo esiqhubekayo sezepolitiki kanye nezokuphepha eZimbabwe.

Lesi simemezelo senziwe nguNgqongqoshe we-International Relations eNingizimu Afrika uMaite Nkoana-Mashabane nobengomunye wosihlalo bomhlangano wongqongqoshe obuseGaborone, eBotswana.

Ungqongqoshe uthe ongqongqoshe be-SADC “baqaphele ngokukhulu ukukhathazeka isimo saseZimbabwe”.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: UMugabe esemhlanganweni wokuxazulula izinkinga eZimbabwe

NgoLwesine kusihlwa Imithombo yabezindaba engaphansi kukahulumeni eZimbabwe isishicilele izithombe zokuqala ezikhombisa uMengameli wakhona uRobert Mugabe selokhu kuvele indaba zokuthi uboshelwe endlini nokuthi usehlwithwe amandla ngumbutho wezempi.

UMugabe ubonakale esemhlanganweni obekukhona kuwo nomkhuzi we-Zimbabwe Defence Force uGeneral Chiwenga kanye nethimba longqongqoshe baseNingizimu Afrika abajutshwe khona, nokubalwa kubo uNgqongqoshe we-Defence and Military Veterans uNosiviwe Mapisa-Nqakula kanye noNgqognqoshe we-State Security u-Adv Bongani Bongo.

Kubikwa ukuthi uMugabe ushaya phansi ngonyawo uthi angeke ehle esikhundleni njengoba kukholakala ukuthi umbutho wezempi wakhona umfuna ehlile esikhundleni.

Image: GCIS

Related Posts