VIDEO: UVolvo usukhiphe iloli elizishayelayo, liyabaleka emgwaqeni

Isikhondlakhondla senkampani eyakha izimoto ezincane kanye namaloli uVolvo usuwethule iloli elizihambela lodwa ngaphandle komshayeli

Le nkampani ithi bese kuphele iminyaka ilokhu yenza ucwaningo ngezokuthutha ezizishayelayo njengengxenye yomkhankaso wokwandisa imikhiqizo, ukwandisa ezokuphepha kanjalo nokunciphisa umonakalo odaleka kwimvelo.

Leli loli likhonjiswe okokuqala ngqa phambi kwenqwaba yabantu eBeijing ngoLwesithathu njengengxenye yeVolvo Group Innovation Summit. AbakwaVolvo bathi lihamba lisuka endaweni elayisha impahla liya kwenye liyothulula impahla.

Le nkampani ithi leli loli lizobe lihamba emizileni ekhethekile yemigwaqo engothelawayeka ebekelwe ukuthi ihambe kulona. Leli loli lizishayela ngokwalo ngokuphelele kanti lisebenzisa ubuchwepheshe be-Lidar kanye ne-GPS nobulisiza ukuthi likwazi ukuthi lilokhu lifunda isimo sokuthi kwenzakalani eduzane kwalo, likwazi nokuthi ligwincize phakathi kwezinto ezingaba yisiphazamiso emgwaqeni ezinyakazayo nezinganyakazi.

FUNDA NALOLU DABA: Izokhiqizwa eMzansi iFord Ranger Raptor entsha

Liphinde likwazi nofunda isimo sezokuphepha emgwaqeni kanjalo nokubheka ukuthi selisebenzise afamafutha noma udizili ongakanani. AbakwaVolvo bathi alikudingi nhlobo ukugadwa umuntu.

“Yize noma lobu buchwepheshe bungaba kude ngeminyaka ekukhiqizweni, ngaphandle kokungabaza buzoba nomthelela kwesikukhiphayo futhi bungakwazi ukwakha imiphakathi enobuhlakani kwingomuso. Kungakhathalekile ukuthi yisiphi isixazululo esisakhayo, ezokuphepha zihlale njalo ziwukukhathazeka kwethu kokuqala futhi lokhu kwenzeka kuzo zonke izimoto zethu ezizishayelayo,” kusho uMartin Lundstedt, onguMengameli kanye ne-CEO ye-Volvo Group.

Image: Supplied/Volvo Group

Related Posts