BUKA: Bekushaywa ‘amavosho’ kumenyezelwa ukuketulwa kukaMugabe

Kube nenkulu injabulo ezithunyweni ezingamalunga eqembu elibusayo eZimbabwe iZanu-PF kulandela isimemezelo sokuthi uMengameli Robert Mugabe usexoshiwe njengomholi weqembu.

Isinqumo sokuxoshwa kwakhe sithathwe yisigungu esiphezulu seqembu emhlanganweni obukhethekile ngeSonto.

FUNDA NALOLU DABA: I-Zanu-PF isimxoshile uMugabe njengoMengameli, noGrace akasindanga

Kubikwa ukuthi izifundazwe ezingu-10 zeqembu zithathe isinqumo sokuthi zimkhiphe esikhundleni uMugabe kulandela imibiko yokuthi usehlwithwe amandla okuhola izwe ngumbutho wezempi nokuthi useboshelwe endlini.

Kulo mhlangano kuphinde kwathathwa isinqumo sokuxosha nonkosikazi kaMugabe uGrace Mugabe njengomholi wophiko lwabesifazane lwe-Zanu-PF.

OwayiSekela likaMugabe u-Emmerson Dambudzo Mnangagwa, nobesanda kuxoshwa esikhundleni nguMugabe, useqokwe njengomholi wesikhashana weqembu kanti kulindeleke ukuba aqokwe njengoMengameli wezwe uma sekusule noma sekuketulwe uMugabe kwesokuba nguMengameli wezwe.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF igxeka iDA ngokuchitha umbono wokukhoseliswa kukaMugabe

Inqwaba yabaholi be-Zanu-PF, okubalwa kubo noGrace Mugabe, kulindeleke ukuba bashushiswe ngamacala ahlukene.

Manje uMugabe usenqunyelwe ugwayi katiki yi-Zanu-PF ukuthi asule njengomengameli wezwe, kungenjalo uzokhishwa ngevoti ePhalamende.

Imibiko ithi uMugabe ushaya phansi ngonyawo, uthi angeke ehle esikhundleni.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts