EZINGENA MANJE: Udide abaningi uMugabe engasuli esikhundleni

Iningi labantu abebebukela omabonakude kanye nezintatheli lisale lididekile kulandela inkulumo kaMengameli Robert Mugabe ngeSonto ebusuku nalapho bekulindeleke khona ukuthi amemezele ukwesula esikhundleni kodwa wangakwenza lokho.

NgeSonto uMugabe uye wakhishwa esikhundleni sokuba nguMengameli weqembu elibusayo eZimbabwe i-Zanu-PF waphinde wanquyelwa umnqamulajuqu wokuba asule ngaphambi kokuba kushaye u-12:00 ngoMsombuluko.

FUNDA NALOLU DABA: Selugobile uphondo kuMugabe, uzomemezela ukusula maduze – umbiko

Ngaphambilini umthombo wezindaba we-Reuters ubike ukuthi utshelwe ngumthombo wawo ukuthi uMugabe usevumile ukusula kanti le nkulumo abeyethula bekulindeleke ukuba kube ngeyokumemezela ukusula kwakhe.

Okunalokho uMugabe uthe uyena ozobe engamele ingqungquthela ye-Zanu-PF ezayo. Ukusho lokhu phezu kokuba sekunomholi omusha weqembu obekwe ngeSonto emhlanganweni wesigungu esiphezulu seqembu obuphuthuma u-Emmerson Mnangagwa. U-Mnangagwa ubesanda kuxoshwa nguyena uMugabe njengesekela lakhe.

Enkulumweni yakhe uMugabe uphinde wanxusa izwe ukuba ligxile endleleni ebheke phambili, kuqalwe kabusha ngaphandle kokuphazamiseka. Uthe ukuxoshwa kwezikhulu kanye nokuhlukunyezwa kwabantu kuzomele kume manje.

FUNDA NALOLU DABA: I-Zanu-PF isimxoshile uMugabe njengoMengameli, noGrace akasindanga

Uphinde wakhuluma nongomnotho wezwe ongenzi kahle, wathi futhi uhulumeni uzokwethula uhlelo lokufukula osomabhizinisi.

Akucaci kahle noma emaphepheni uMugabe abewafunda ngesikhathi ethula inkulumo ibikhona yini ingxenye yokuthi uyesula njengoba bekubonakala sengathi abuye amdide noma ubuye aphambanise. Umbutho wezempi eZimbabwe ubukhona umphahlile ngesikhathi ethula inkulumo.

Image: GCIS

Related Posts