I-Zanu-PF isimxoshile uMugabe njengoMengameli, noGrace akasindanga

Iqembu elibusayo eZimbabwe selimkhombe indlela uMengameli walo obesephathe isikhathi eside uRobert Mugabe.

Ngokombiko weTwitter wephephandaba likahulumeni laseZimbabwe, izifundazwe ezingu-10 zeqembu zithathe isinqumo sokuthi zimkhiphe esikhundleni uMugabe ngeSonto.

“Ngaphezu kwalokho izifundazwe zifuna kubuyiselwe u-Emmerson Mnangagwa njengo-Second Vice President kanye no-Vice President wezwe,” ufundeka kanjalo umbhalo waleli phephandaba kwiTwitter account.  

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF igxeka iDA ngokuchitha umbono wokukhoseliswa kukaMugabe

Ngaphezu kwalokho, izifunda zifuna ukuthi ehle esikhundleni sokuba ngumholi wophiko lwabesifazane lwe-Zanu-PF unkosikazi kaMugabe uGrace Mugabe. I-BBC ibika ukuthi usexoshiwe uGrace eqenjini. Kukholakala ukuthi uGrace ubesezinhlelweni zokuthatha izintambo kuMugabe.

Lezi zinqumo zithathwe njengoba bekuhlangene iCentral Committee ye-Zanu-PF ngeSonto emhlanganweni okhethekile.

Manje kubikwa ukuthi uMugabe usenxuswe ukuba azisulele yena njengoMengameli wezwe, kungenjalo uzoketulwa ngevoti ePhalamende ngoLwesibili.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts