Selugobile uphondo kuMugabe, uzomemezela ukusula maduze – umbiko

Umthombo wezindaba we-Reuters ubika ukuthi umthombo wayo usuwubikile ukuthi uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usegcine evumile ukusula njengoMengameli wezwe kulandela ukuxoshwa yiqembu lakhe iZanu-PF ngaphambilini ngeSonto.

Kuyimanje abantu balindele ngabomvu ukuthi yini le ezomenyezelwa nguMugabe esiteshini sikamabonakude njengoba kulindeleke ukuba ethule inkulumo ebhekiswe esizweni esikhathini esingesingakanani kusuka manje.

Lokhu kwenzeka njengoba isigungu esiphezulu se-Zanu-PF ngeSonto sixoshe uMugabe sabe sesimnqumela ujuqu wokuba asule ngaphambi kokuba kushaye uLwesibili, kungenjalo uzokhishwa ngevoti ePhalamende.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Bekushaywa ‘amavosho’ kumenyezelwa ukuketulwa kukaMugabe

Unkosikazi kaMugabe, uGrace Mugabe, naye uye waxoshwa njengomholi wophiko lwabesifazane kuleli qembu kulo mhlangano wesigungu esiphezulu obukhethekile.

Kube nenkulu injabulo ngesikhathi kwenziwa isimemezelo sokuxoshwa kukaMugabe kanti amanye amalunga abonakale edansa.

Image: GCIS

Related Posts