BUKA: Kosolwa ukuthi kuphanjaniswe amaphepha ngokungasuli kukaMugabe

Abantu abehlukene balokhu beqhubeke njalo nokuzwakalisa ukudideka kwabo ngokuthi kahle hle kwenzakaleni ngesikhathi uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ethula inkulumo obekulindeleke ukuba kube ngeyokumemezela ukusula kwakhe njengoMengameli wezwe.

NgeSonto isigungu esiphezulu seqembu elibusayo eZimbabwe iZanu-PF simkhiphile uMugabe esikhundleni sokuba ngumholi weqembu maqede sambekela umnqamulajuqu wokuba asule ngaphambi kokuba kushaye u-12:00 emini ngoMsombuluko (namhlanje).

FUNDA NALOLU DABA: EZINGENA MANJE: Udide abaningi uMugabe engasuli esikhundleni

NgeSonto kusihlwa abantu emhlabeni wonke kanye nabezindaba bebebheke ngabomvu ukuthi uzothini uMugabe ezweni enkulumweni ebisakazwa bukhoma kumabonakude.

Kodwa-ke uMugabe uvele wabashiya bekhexile abaningi njengoba okunalokho evele wakhuluma ngekusasa futhi enxusa abantu ukuthi bagxile endleleni ebheke phambili, wathi kumele kuqalwe kabusha.

Uphinde wadida abaningi ekhuluma ngokuthi uyena ozobe engamele ingqungquthela elandelayo ye-Zanu-PF nokulindeleke ukuba ibe ngoDisemba. Ukusho lokhu phezu kokuba sekunomholi omusha weqembu obekwe ngeSonto emhlanganweni wesigungu esiphezulu seqembu obuphuthuma u-Emmerson Mnangagwa. U-Mnangagwa ubesanda kuxoshwa nguyena uMugabe njengesekela lakhe.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Bekushaywa ‘amavosho’ kumenyezelwa ukuketulwa kukaMugabe

Akucaci kahle noma emaphepheni uMugabe abewafunda ngesikhathi ethula inkulumo ibikhona yini ingxenye yokuthi uyesula njengoba bekubonakala sengathi abuye amdide noma ubuye aphambanise.

Abanye basola ukuthi abombutho wezempi yibona abaphambanise amaphepha abefundwa uMugabe. Kosolwa ukuthi umkhuzi we-Zimbabwe Defence Force uGeneral Chiwenga, nobehleli eduze kukaMugabe, uyena ohoshe iphepha ebelinenkulumo yokwesula kaMugabe. UChiwenga ubonakala kwi-video ehosha amaphepha athile ewashutheka ngaphansi kwesihlalo.

Image: Hloni Nentanyane via Twitter

Related Posts