Kushone owesifazane, kwalimala abangu-28, kushayisana amatekisi neloli

Kushone owesifazane, kwathi abanye abantu abangu-28 balimala ngesikhathi kushayisana amatekisi amabili neloli kwimpambanamgwaqo ka-N12 kanye no-R28 eWestonaria, eGauteng, ngeSonto kusihlwa.

Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-ER24, besebebuyela esikhungweni sabo ngezikhathi zabo-20:00 kusihlwa ngesikhathi bezithela phezu kwale ngozi

“Itekisi eyodwa itholakale ilele ngokhakhayi ohlangothini lomgwaqo ngesikhathi itekisi yesibili kanye neloli kutholakale phakathi nomgwaqo. Abagibeli abebesematekisini womabili batholakale bezulazula endaweni yesigameko.

FUNDA NALOLU DABA: VIDEO: UVolvo usukhiphe iloli elizishayelayo, liyabaleka emgwaqeni

“Ngesikhathi kuphenywa, abosizo lokuqala bathole isidumbu sowesifazane, okukholakala ukuthi useminyakeni engu-30 [ubudala], elele ngemuva kwetekisi egingqikile. Abosizo lokuqala bahlole lo wesifazane base bathola ukuthi uthole ukulimala okubi ekhanda futhi ubengakhombisi izimpawu zokuphila. Ngeshwa, akukho obekungenzelwa lo wesifazane wabe esehlonzwa njengoseshonile,” kulandisa abakwa-ER24.

Kubikwa ukuthi kuphinde kwatholakala abanye abantu abebelimele abangu-28 kanti abanye bebethole ukulimala okungatheni kwathi abanye balimala kanzima.

 Kuthiwa laba babe sebephuthunyiswa ezibhedlela eziseduzane ngemuva kokuthola ukwelashwa endaweni yesigameko.

Image: ER24

Related Posts