Kuzoqopheka umlando i-#TKO2017Final idlalelwa KwaMashu

Inkundla yezemidlalo iPrincess Magogo Stadium eKwa-Mashu, KwaZulu-Natal, isimenyezelwe njengezosingatha umdlalo wamanqamu we-2017/18 Telkom Knockout ngomhlaka-02 December 2017.

IBidvest Wits izotholana phezulu neBloemfontein Celtic njengoba lama qembu eye awina emidlalweni yawo ngokwehlukana emzuliswaneni yemidlalo eyandulela owamanqamu.

NgoMgqibelo ntambama iWits ishabalalise amathemba eChiefs kanye nomqeqeshi wayo uSteve Komphela okuthatha isicoco njengoba engakaze athathe lutho selokhu afika kuleli qembu.

FUNDA NALOLU DABA: ICape Town City, iWits noBenni bazoqondiswa izigwegwe

Ngakolunye uhlangothi iCeltic yona iphunyule kunzima njengoba igcine ihlule iPolokwane City ekuhambeni ngeSonto ntambama emdlalweni ogcine uphele sekukhahlelwa amaphenathi.

ITheku sezilakhele udumo ngokusingatha imidlalo yamanqamu yemiqhudelwano yebhola. Kodwa-ke kuzokube kungokokuqala ngqa umdlalo wamanqamu womqhudelwano wasekhaya udlalelwa ePrincess Magogo ngemuva kwemidlalo yango-2012 yeNdebe yoMhlaba eyayisingethwe iNingizimu Afrika.

I-PSL kulindeleke ukuba yenze isimemezelo uma ngabe eseqalile ukudayiswa amathikithi alo mdlalo.

Related Posts