Ugwetshwe iminyaka engu-15 ‘owadlwengula’ owesifazane kuphuzwa

IPietermaritzburg Regional Court ilahle ngecala maqede yagweba uSiyabonga Siya Ngcobo (30) mayelana necala lokudlwengula elenzeka ngonyaka ka-2015.

Kubikwa ukuthi ngomhlaka-15 December 2015 owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala wayezijabulisa ngeziphuzo nabasolwa ababili endaweni yaseTaylors Halt.

“Ngesikhathi besesendlini, kusolwa ukuthi abasolwa bacisha amalambu kanti kusolakala ukuthi babe sebedlwengula isisulu. Kwavulwa icala lokudlwengula eTaylors Halt ukuze kwenziwe olunye uphenyo base bobabili abasolwa baboshwa,” kubika amaphoyisa KwaZulu-Natal.

FUNDA NALOLU DABA: VIDEO: ‘Ziyasabeka izinto ezenziwa abadle i-zombie drug’

Abasolwa bavela enkantolo nalapho bededelwa khona ngebheyili. Kodwa-ke umsolwa wesibili uhlulekile ukubuyela enkantolo nokuholele ekukhishweni komyalelo wokuba aboshwe.

Amaphoyisa esenxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ungakuphi uBhekithemba Zondi (30) ukuba eze ngaphambili abikele amaphoyisa aseduzane.

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uthi angeke baze baphumule kuze kuba abasolwa babhekana nengalo yomthetho.

Image: Pixabay

Related Posts