BUKA: Imibhiyozo yodwa ezitaladini zaseZimbabwe ngokusula kukaMugabe

Kubukeka sengathi basekude ukulala abantu basezweni laseZimbabwe njengoba kuqhuma imibhiyizo ezitaladini zakhona kanye nakwamanye amazwe, okubalwa naseNingizimu Afrika, kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uMugabe usesulile njengoMengameli wezwe.

Ukusula kukaMugabe kusho ukuphela kombuso wakhe obese udonse iminyaka engu-37 kusukela ngonyaka ka-1980. Namanje iningi labantu baseZimbabwe lithi sengathi liyaphupha njengoba lithi kalikholwa ukuthi lo mholi oneminyala engu-93 ubudala usule ngempela njengoba bekukholakala ukuthi uyoze afe esesikhundleni.

FUNDA NALOLU DABA: Inhlokomo eZimbabwe kusula uMugabe kwesobuMengameli

Kuthiwa yize noma abanye bebejabula ngesikhathi kuvela izindaba zokusula kukaMugabe ePhalamende, kodwa amanye amalunga eZanu-PF avele akhala izinyembezi ngenxa yokuzwa ubuhlungu bendlela agcine ehambe ngayo.

USomlomo wePhalamende laseZimbabwe uJacob Mudenda uyena ofunde incwadi yokusula kukaMugabe. Kwenzeka lokhu nje iPhalamende lakuleliya lizwe beseliphezu kwezinhlelo zokukhipha ngevoti uMugabe kulandela ukudlulwa umnqamulajuqu abewubekelwe yiqembu lakhe iZanu-PF wokuba asule ngaphambi kokuba kushaye u-12:00 ngoMsombuluko emini.

IZanu-PF ibisivele imkhiphile esikhundleni sokuhola leli qembu elibusayo ngeSonto.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts