UMnyango wakwa-Home Affairs uthi ingamanga aluhlaza imibiko elokhu izungeza ezinkundleni zokuxhumana netshela abantu ukuthi omazisi abaluhlaza (green) angeke besasebenza kusukela ngomhlaka-31 March 2018.
“UMnyango wakwa-Home Affairs usuwuqaphelile umyalezo osezinkundleni zokuxhumana futhi ufisa ukukubeka ngokucacile ukuthi ungamanga,” kusho uMnyango.
FUNDA NALOLU DABA: UNgqogqoshe uxwayisa ngabaqola abantu ngegama lakhe kuFacebook
Iningi la bantu bakuleli abasasebenzisa amapasi angamabhukwana aluhlaza beseliqala ukukhathazeka ngoMsombuluko kulandela ukusabalala kwale mibiko.
Kulo myalezo ongumbombayi bekuphinde kunxuswe abantu ukuthi bafake izicelo zamapasi amasha ayizigqebhezana (smart ID card) kanye nokuthi badlulisele lo myalezo kwabanye.
Image: GCIS