Inhlokomo eZimbabwe kusula uMugabe kwesobuMengameli

Inkulu inhlokomo ezitaladini sasedolobheni laseHarare eZimbabwe kulandela ukusula kukaMengameli waleliya lizwe obesephathe iminyaka engu-37 uRobert Mugabe.

Izindaba zokusula kwalo mholi oneminyaka engu-93 ubudala nobethathwa njengensimbikayigobi zivele ngesikhathi uSomlomo wePhalamende laseZimbabwe uJacob Mudenda efunda incwadi yokwesula kwakhe ePhalamende.

USomlomo wePhalamende uthi uMengameli omusha uzomenyezelwa maduzane.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Kosolwa ukuthi kuphanjaniswe amaphepha ngokungasuli kukaMugabe

Ukusula kukaMugabe besekuvele kulindelekile njengoba kwakulindeleke ukiuba asule ngeSonto kusihlwa ngesikhathi ethula inkulumo eyayibhekiswe esizweni eyayisakazwa bukhoma komabonakude.

Lokhu kweza ngemuva kokuba umbutho wezempi eZimbabwe wamhlwitha amandla ngoLwesibili kusihlwa maqede wathatha nezintambo zokulawula isiteshi sikakamabonakude sikahulumeni iZBC.

UMugabe ubesevele ezulelwa ngamanqe njengoba iqembu lakhe iZanu-PF belisanda kumkhipha esikhundleni sokuba ngumholi weqembu ngeSonto. Besekuhlelwe ukuba akhishwe ngevoti ePhalamende njengoba ubusumdlulile umnqamulajuqu wokusula ngaphambi kwesikhathi ayenqunyelwe sona yiqembu lakhe, uMsombuluko ngo-12:00 emini.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts