Isulile imeya ‘eyathumela’ isithombe sentombazane (14) engagqokile kuWhatsApp

IMeya yase-Emfuleni Local Municipality uSimon Mofokeng ugcine esulile esikhundleni kulandela ukufakwa ekhefini elikhethekile emasontweni amathathu edlule.

UMofokeng, nophinde abe nguSihlalo wesifunda we-ANC eSedibeng, wamiswa kulandela izinsolo zokuthi wafaka enkundleni yezokuxhumana uWhatsApp isithombe sentombazanyana eneminyaka engu-14 ubudala ingagqokile ngokuphelele. Kusolakala ukuthi lesi sithombe wasifaka kwi-group kaWhatsApp eyasungulwa ngamalunga e-ANC.

Usolwa ngokuhlukumeza ngokocansi noma ngokukhulisa ngezinhloso zokulungela ucansi le ntombazanyana eneminyaka engu-14.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Uthole okukhulu ukugxekwa ungqongqoshe oqoshwe echama esigangeni

 Ngaphambilini i-ANC eGauteng yathi angeke ize ivikele muntu noma ngabe kusho ukuthi ungumholi.

I-Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs and Human Settlements ithe uNgqongqoshe uPaul Mashatile useyamukele incwadi yokusula kaMofokeng njengekhansela kanjalo nanjengemeya kumasipala.

UMashatile uthi lokhu kuzovumela uMofokeng ukuthi akwazi ukugxila kulezi zinsolo eziqinile abhekene nazo kanjalo nokuthi uhulumeni ukwazi ukugxila ekuhanjisweni kwezidingo zomphakathi.

UNgqonqoshe uthi umnyango uphezu kwezinhlelo zokuvala isikhala semeya.

Related Posts