Nayi imidlalo ye-PSL yangoLwesibili

Namuhla (ngoLwesibili) kusihlwa kulindeleke ukuba ushise phansi umbango wamaphuzu kumaqembu agijima esigabeni se-Premeir Soccer League (PSL) njengoba kuzobe kuqhubeka imidlalo yeligi ye-Absa Premiership.

Mithathu imidlalo ezodlalwa namuhla njengoba eminye emithathu kulindeleke ukuba idlalwe kusasa (ngoLwesithathu).

Imidlalo okulindeleke ukuba idonse amehlo abaningi yilowo ozobe uphakathi kwe-Bidvest Wits kanye neMamelodi Sundows kanjalo nalowo ozobe uphakathi kwezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates kanye neqembu laKwaZulu-Natal iGolden Arrows.

FUNDA NALOLU DABA: Kuzoqopheka umlando i-#TKO2017Final idlalelwa KwaMashu

 Abafana Bes’thende bayiqale ngegiya eliphezulu le sizini njengoba behleli endaweni yesibili kwi-log kanti basahlulwe umdlalo owodwa nje vo.

Ngakolunye uhlangothi ompetha beligi iWits yona ilokhu idonsa ngodizili njengoba ihleli kunombolo-15 kwiligi kanti isawine imidlalo emibili nje kuphela.

Omunye umdlalo olindelekile yilowo ozobe uphakathi kwe-Cape Town City FC kanye neBaroka FC.

IMIDLALO NGOLWESIBILI:

Cape Town City VS Baroka FC (21 Nov 18:00 – Cape Town Stadium)

Bidvest Wits VS Mamelodi Sundowns (21 Nov 19:30 – Bidvest Stadium)

Orlando Pirates VS Golden Arrows (21 Nov 19:30 – Orlando Stadium)

Related Posts