U-SASSA uyaziqhelelanisa ‘nomncintiswano’ wabahola eyesibonelelo

Inhlangano ebhekelele ukuholelwa kwabantu imali yesibonelelo sikahulumeni kuleli iSouth African Social Security Agency (SASSA) isiziqhelelanisile nomyalezo ozungeka ezinkundleni zokuxhumana ozishaya samncintiswano wamakhasimende akwa-SASSA wangoKhisimusi.

Kulo myalezo kutshelwa labo abahola imali yesibonelelo ukuthi bakhethwe emncintiswaneni wangoKhisimisu nalapho kuzowina khona amakhasimende angu-10 kwangu-100 isamba semali engu-R1500 nokuthiwa izofakwa kwi-account ngomhlaka-1 December 2017.

“Uyacelwa ngokushesha uphendule/u-SMSe ukungenela umcintiswano i-ID no yakho, izinombolo ezingu-4 zokugcina zezinombolo zekhadi lakho kanye nenombolo eyimfihlo (PIN),” ufundeka kanjalo lo myalezo ozungenza ezinkundleni zokuxhumana.

FUNDA NALOLU DABA: ‘Ingamanga imibiko ezungezayo ethi angeke esasebenza amapasi aluhlaza’

Kodwa-ke abakwa-SASSA sebenxuse abantu ukuthi bashaye indiva baphinde bacishe lo myalezo ngoba “bayaqolwa”.

“Izikhulu zakwa-SASSA azisose zacela amaj-PIN kanye nezinombolo zekhadi lakwa-SASSA; ngaphezu kwalokho lesi sikhungo asiqhubi noma ngabe yimuphi umncintiswano kaKhisimusi,” abakwa-SASSA baxwayise kanjalo, begcizelela ngokuthi amakhasimende kumele agcine ama-PIN awo, izinombolo zomazisi kanye nezinombolo zamakhadi ziyimfihlo.

Image: Pixabay

Related Posts