UNgqogqoshe uxwayisa ngabaqola abantu ngegama lakhe kuFacebook

UNgqongqoshe woMnyango wakwa-Home Affairs u-Ayanda Dlodlo usekhiphe isexwayiso ngabantu abaqola abantu enkundleni yezokuxhumana uFacebook bezenza yena.

UDlodlo ubhale lesi sixwayiso enkundleni yezokuxhuma iTwitter nalapho ethi i-account okuqolwa ngayo abantu kuFacebook yenziwe yabukeka sengathi eyakhe. Kodwa-ke uthi yena akanayo nhlobo i-account kuFacebook, wathi noma ngabe yini eshiwo kule account ingumbombayi.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Uthole okukhulu ukugxekwa ungqongqoshe oqoshwe echama esigangeni

“Sengazisiwe ngeFacebook account eyenziwe yabukeka njengeyami. Ngiyacela nazi ukuthi anginayo iFacebook account, futhi noma ngabe yikuphi ukuxhumana okuqhamuka kuyona kungumbombayi.

UDlodlo usanda kuqokwa njengoNgqongqoshe wakwa-Home Affairs nguMengameli Zuma ngesikahthi ihlela kabusha ikhabinethi lakhe kamuva ngomhlaka-17 October 2017 kanti ngaphambi kwaloko wayenguNgqongqoshe wakwa-Communications, nokuwumnyango awuphatha kusukela ngomhlaka-31 March 2017 ngesikhathi uMengameli Zuma enza okunye ukuhlela kabusha iKhabhinethi lakhe.

Image: GCIS

Related Posts