Bathi sebezobuyela ekhaya abaseZimbabwe, bebebhiyoza eHillbrow

Iningi labantu baseZimbabwe abaseNingizimu Afrika lithi selihluleka ngisho nawukulinda ukuthi ligebele liphindele ezweni labo kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi ugcine esulile esikhundleni lowo obenguMengameli uRobert Mugabe.

UMugabe ubeseqhoqhobale izntambo zombuso zakuleli lizwe iminyaka engu-37 kusukela ngonyaka ka-1980 kanti abaningi bathi bebethi uyoze ashone ekulesi sikhundla njengoba bekubhekwe nokuthi aphinde angenele ukhetho lwangonyaka ozayo.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Imibhiyozo yodwa ezitaladini zaseZimbabwe ngokusula kukaMugabe

NgoLwesibili ntambama lugcine lugobile uphondo wasula esikhundleni kanti bese kuvele kusele kancane ukuthi akhishwe ngevoti ePhalamende njengoba amaLunga ePhalamende abeseluqale uhlelo lokumkhipha. Umbutho wezempi eZimbabwe wamphuca amandla ngoLwesibili kusihlwa nokwalandelwa ukuthi iqembu elibusayo iZanu-PF limsuse esikhundleni sokuba ngumholi walo.

NgoLwesibili kusihlwa bekuqhuma imibhiyozo ezitaladini zaseZimbabwe kanye naseGoli eHillbrow kusukela kuvele izindaba zokuthi selugobile uphondo kuMugabe kulo mholi oneminyaka engu-93 ubudala.

FUNDA NALOLU DABA: Inhlokomo eZimbabwe kusula uMugabe kwesobuMengameli

Abantu baseZimbabwe, iningi labo elihlala eHillbrow bathi sebejahe kabi ukuthi baphindele ezweni labo.

Ngaphansi kokuholi kukaMugabe iZimbabwe ibibhekene nezinselelo eziningi okubalwa kuzo izinga eliphezulu lokuswelakala kwamathuma emisebenzi, ukuqumbeka phansi komnotho kanye nokushoda kwemali kwezinye izikhathi. Yize noma abanye bemthatha njengeqhawe, kodwa kwabanye ubengundlovukayiphikiswa obephethe ngesandla sensimbi.

Image: Masechaba Ndlovu Twitter Account

Related Posts