Kubikwa ukuthi ezinye zezakhamizi zaseZimbabwe sezala nje ukuzibona izithombe ezilengiswe odongeni ezinobuso balowo obenguMengameli uRobert Mugabe kulandela ukusula kwakhe esikhundleni njengoMengameli waseZimbabwe ngoLwesibili kusihlwa.
NgoLwesibili kube nenkulu inhlokomo ePhalamende laseZimbabwe kulandela ukufundwa kwencwadi yokwesula kukaMugabe (93). Le ncwadi ifike seluvele seluqalile uhlelo lokuthi akhishwe ngevoti ePhalamende ngemuva kokudlulwa umnqamulajuqu wokuzisulela yena abewubekelwe yiqembu elibusayo iZanu-PF. NgeSonto iZanu-PF yamkhipha uMugabe kwesokuba ngumholi waleli qembu.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Imibhiyozo yodwa ezitaladini zaseZimbabwe ngokusula kukaMugabe
Abantu baseZimbabwe abakuleliya lizwe kanye nakwamanye amazwe, okubalwa naseNingizimu Afrika, babhiyoze kwaze kwaba phakathi kwamabili bethi lolu suku lufana nokuthola inkululeko kanye nokuthi bebengazitsheli ukuthi uyoke aphume esikhundleni uMugabe besaphila ngemuva kweminyaka engu-37 enguMengameli.
Manje sekuvele i-video efakwe kuTwitter ngusomabhizinisi uTrevor Ncube nekhombisa abantu behlwitha isithombe sikaMugabe odongweni lwasendaweni yokwamukela izivakashi (reception) ehhotela eliseHarare iMeikles Hotel.
Zimbabweans take down Robert Mugabe’s portrait from Meikles Hotel reception in Harare. I am told this is happening across the country. Watch 👇🏿 pic.twitter.com/sh0Yh75fch
— Trevor Ncube (@TrevorNcube) November 22, 2017
Image: Wikimedia Commons