IZITHOMBE: Ibhasi lishayisane nemoto lagibela phezu kwayo

Ibhasi okukholakala ukuthi ngelithutha abafundi kwesinye sezikole ePort Elizabeth e-Eastern Cape litholane phezulu nemoto encane maqede lagibela kuyona ngoLwesithathu ekuseni.

Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-Net Care 911 le ngozi yenzeke phakathi komgwaqo u-Northumberland Avenue kanye no-Van Der Stel.

FUNDA NALOLU DABA: Kushone owesifazane, kwalimala abangu-28, kushayisana amatekisi neloli

Izithombe ezibonisa le ngozi zikhombisa ingxenye engaphambili yaleli bhasi ibonakala igibele phezu kwemoto encane emhlophe nebonakala yona ilele ngohlangothi lwangakwesobunxele. Ibhasi libonakala lilimele kancane engxenyeni engaphambili kanti imoto encane yona ibonakala ithe ukulimala ngasohlangothini lukamshayeli, ikakhulukazi maqondana nesicabha somshayeli.

Nokho abakwa-Net Care 911 bathi ngenhlanhla abekho abalimale kanzima kule ngozi.

Image: Net Care 911

Related Posts