Lowo onguSotswebhu we-EFF ePhalamende nophinde abe nguSekela Mengameli weqembu uFloyd Shivambu usugxeke uMengameli Jacob Zuma ngokuthi uyishaya ngapha, abuye ayishaye ngapha, kulandela umhlangano abe nawo nawolo okulindeleke akuba afungiswe njengoMengameli waseZimbabwe ngoLwesihlanu, u-Emmerson Dambudzo Mnangagwa.
Lokhu kufungiswa kukaMnangagwa njengoMengameli omusha waseZimbabwe kulandela ukusula kwalowo obenguMengameli kuleliya lizwe nobesephathe iminyaka engu-37 uRobert Mugabe nosule ngoLwesibili ntambama.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Imibhiyozo yodwa ezitaladini zaseZimbabwe ngokusula kukaMugabe
UMnangagwa wayekade eyisekela likaMugabe ngaphambi kokuba axoshwe emasontweni ambalwa edlule nguMugabe, nokuyisinyathelo okukholakala ukuthi wayephendlela (uMugabe) ngaso unkosikazi wakhe uGrace Mugabe ukuba kube nguyena isekela lakhe – nokwakuzombeka (uGrace) emathubeni okuthi abe ngumengameli wezwe olandelayo eZimbabwe.
UMnangagwa ubelokhu ebhace kuleli kusukela axoshwa njengoba kukholaka ukuthi ubesabela impilo yakhe kanti iHhovisi likaMengameli Zuma lithi uye wavakashela uZuma namhlanje ngaphambi kokuba abuyele eZimbabwe.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Bekushaywa ‘amavosho’ kumenyezelwa ukuketulwa kukaMugabe
Kodwa-ke uShivambu usola uMengameli Zuma ‘ngobuphixiphixi’ nangokuba “ngusomathuba” njengoba ethi ubelokhu egcizelela (uZuma) ukuthi uMugabe (93) angasuli.
UShivambu ubhale kuTwitter ukuthi: “Usomathuba olawulwa ngabakwaGupta usevele usehlangane noMengameli Emmerson Dambudzo Mnangagwa phezu kokugcizelela kwakhe kwangaphambilini kokuthi uMugabe angasuli!”
Former Vice-President of the Republic of Zimbabwe, Honourable Mr Emmerson Dambudzo Mnangagwa, paid a courtesy call on President Jacob Zuma before heading back to Harare, Zimbabwe today, 22 November 2017. pic.twitter.com/DV7OIC1n6B
— PresidencyZA (@PresidencyZA) November 22, 2017
The Gupta captures opportunist has already met with President Mnangagwa, despite his earlier insistence that Mugabe must not resign! pic.twitter.com/8wpPB0At1h
— Floyd Shivambu (@FloydShivambu) November 22, 2017
Image: The Presidency/GCIS