Nayi imidlalo ye-PSL yangoLwesithathu

NgoLwesithathu (namuhla) iyaqhubeka imidlalo ye-Absa Premiership nalapho kulindeleke imidlalo emine njengoba eminye emithathu idlalwe izolo.

Amehlo abaningi azobe ebheke ukuthi iyiphi ezogoba uphondo uma ngabe sekutholene phezulu AmaZulu FC kanye nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs emdlalweni ozobe use-King Zwelithini Stadium ngo-19:30.

IChiefs iza kulo mdlalo nje isazikhotha amanxeba kulandela ukukhishwa kumqhudelwano weTelkom Knockout nokuyinto eyacasula kakhulu abalandeli baleli qembu njengoba sekuyisizini yesithathu lingasazi isicoco ngaphansi komqeqeshi walo uSteve Komphela.

FUNDA NALOLU DABA: Nayi imiphumela yemidlalo ye-PSL yangoLwesibili

Kuyimanje Amakhosi ahleli endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu ang-14 kanti asawine imidlalo emithathu nje kuphela kwengu-10 aseyidlalile.

EMINYE IMIDLALO IMI KANJE:

Free State Stars VS Chippa United (22 Nov 18:00 – Goble Park)

Platinum Stars VS Bloemfontein Celtic (22 Nov 19:30 – Royal Bafokeng Stadium)

AmaZulu FC VS Kaizer Chiefs FC (22 Nov 19:30 – King Zwelithini Stadium)

Polokwane City VS Maritzburg United (22 Nov 19:30 – Old Peter Mokaba Stadium)

Related Posts