Nayi imiphumela yemidlalo ye-PSL yangoLwesibili

NgoLwesibili kusihlwa mithathu imidlalo ebidlalwa kumqhudelwano we-Absa Premiership njengoba eminye emihlanu kulindeleke ukuba iqhubeke namhlanje (ngoLwesithathu) kusihlwa.

IMamelodi Sundowns izigwazele ibhece kwi-Bidvest Wits ngesikhathi iyishaya ngo-2-0 emdlalweni obuse-Bidvest Stadium.

FUNDA NALOLU DABA: ICape Town City, iWits noBenni bazoqondiswa izigwegwe

Ngakolunye uhlangothi i-Orlando Pirates kanye neGolden Arrows badlale ngokulingana emdlalweni ogcine uphele ngo-0-0; kwathi iCape Town City FC kanye neBaroka FC nabo badlala ngokulingana emdlalweni ogcine uphele ngo-1-1.

IMIDLALO NGOLWESIBILI:

Cape Town City 1-1 Baroka FC (21 Nov 18:00 – Cape Town Stadium)

Bidvest Wits 0-2 Mamelodi Sundowns (21 Nov 19:30 – Bidvest Stadium)

Orlando Pirates 0-0 Golden Arrows (21 Nov 19:30 – Orlando Stadium)

Related Posts