Ukusula kukaMugabe kuhlehlise ukuvakasha kukaZuma eZimbambwe

IHhovisi likaMengameli Zuma selimemezele ukuthi angeke esaya eHarare eZimbabwe njengoba bekuhleliwe.

Lokhu kuhlehliswa kwalolu hambo kuza ngemuva kokusula kobenguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ngoLwesibili ntambama.

FUNA NALOLU DABA: Bathi sebezobuyela ekhaya abaseZimbabwe, bebebhiyoza eHillbrow

UMengameli Zuma bekulindeleke ukuba ahambele eZimbabwe noSihlalo we-SADC Organ on Politics, Defence and Security Cooperation futhi onguMengameli wase-Angola u-Joao Lourenco njengoba bebejutshwe yi-SADC ukuba bayohlola isimo sezepolitiki ebesiqhubeka kuleliya lizwe.

Manje lokhu kuvakasha kukaMengameli sekuhlehliselwe isikhathi esingaziwa.

Image: GCIS

Related Posts