UMengameli Zuma ugcine emqokile uKhomishana omusha wamaPhoyisa

UMengameli Jacob Zuma uqoke uGeneral Khehla John Sitole, nobeyi-Divisional Commissioner for Protection and Security Services, njengoKhomishana omusha wamaPhoyisa kuzwelonke.

USitole, nowazalelwa eStanderton eMpumalanga, uchazwe njengomuntu ozoza nesikhulu isipiliyoni embuthweni wamaphoyisa njengoba aqala esiphoyiseni engu-constable kwaze kwaba unyuselwa esikhundleni sokuba ngu-Lieutenant General ngonyaka ka-2011.

FUNDA NALOLU DABA: Kusolwa ‘ubuxoki’ kuZuma ngokuhlangana nosezoba ngumengameli eZim

UMLANDO KA-SITOLE EMBUTHWENI WAMAPHOYISA:

1986: Student Constable
1986: L/Sergeant
1988: Lieutenant
1990: Captain
1992: Major
1995: Lieutenant Colonel
1996: Director
2000: Asst Commissioner: Mpumalanga Province
2006: Asst Commissioner: Northern Cape
2010: Asst Commissioner: Free State Province
2011: Provincial Commissioner: Free State Province Lieutenant General
2013: Deputy National Commissioner: Policing
2016: Divisional Commissioner: Protection And Security Services

UMengameli Zuma ubongele uSitole ngokuqokwa kwakhe waphinde wabonga nobebambe njengoKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke u-Lt Gen Lesetja Mothiba.

Image: The Presidency/GCIS

Related Posts